thula mntanami story part 30 by : magolide

 


thula mntanami story part 30 by : magolide


thula mntanami story part 30 by : magolide 

🐦Thula Mntanami🐦

                P.30🐦

                   [13]VL🐦


8 months later


[Kusemini emzini ka Palisa kuvakashe uMaCele lapho uyagula uyabona engashona noma inini]


Mbuso:-awushoke MaCele ubani okukhombise ukuthi sesihlala lapha njoba usuzofela lanje?


Palisa:-kahle Mbuso umawakho lo(emkhuza)


Mbuso:-ayikho into ongikhuza yona Palisa uyalazi iqiniso nawe wayefuna ukusibulala lo ngoba esehluphekile useza la ufunani la?


MaCele:-bangitshelile abantu ukuthi senihlala lapha(ekhale)Palisa ngyaxolisa ngakho konke mntanami


[Ekhala kuzwele kuPalisa]


Palisa:-asoze ngikhohlwe izinto owazenza MaCele(ekhale naye)kodw ngakuxolela sametime mina


Mbuso:-ini Palisa uyixolela kanjani lenja emvakwe zinto ezinje azenza?


MaCele:-Mbuso mfana wami ngicela ungixolele njoba sengigula nginje if ngishona namhlanj ngizoloke ngibuya ngizocela uxolo kunina ngifuna ukulala ngokuthula nam


[Ekhale uMbuso]


Palisa:-kodw Mbuso ibusisiwe inhliziyo exolelayo ngeke kushintshe ukuthi umawakho lo


Mbuso:-angifuni ukuqamba amanga iyanyanyisa yonke nj impilo yakho nj ma lento owawuyenza ayixoxeki nj


MaCele:-ngiyakwazi loko mfana wami ngixolele ngyazisola kakhulu


Mbuso:-usizwisile ubuhlungu kakhulu kumele wazi noma singakuxolela thina kdw amacalakho oyowafica emazulwini ngyakuxolela 


MaCele:-ngyabonga kakhulu bantabami(ekhala)uphi uBahle yena

Mbuso:-asimazi sasithi thina uwe omaziyo and sasithi usuqedile nangaye


MaCele:-cha angibaze ngimenze lutho ngyacabanga ukuthi usahlala kulo muzi wakaZikhali


[Wavele wakhala uMbuso]


Mbuso:-hawe hawe usaphila usisi wami kanti umkhulu somandla


MaCele:-naye bengifisa ukukhuluma naye ngizixolisele mina mathupha ngaphambi kokushona kwami


Palisa:-kulungile sizozama ukumthola ngokukhulu ukushesha 


[Bathi beyoohuma nj ngomnyango beyofuna uBahle washo ukuphunyelwa umoya uMaCele]


MaCele:-Mbu..Mbu...Mbusss


[Ngenhlanhla yokuthi babengakabi kude basheshe bamuzwa bayakuye]


Mbuso:-hhayibo ma uryt kodwa?

Palisa:-asimphuthumise esbhedlela ngokushesha Mbuso asimfake emontweni


Mbuso:-oryt cela ungisize simqukule


[Bamqukula bayomfaka emontweni bathe bephuma nj bengakahambi nakakhulu wadlikisa uMaCele sekuphuma umoya kwaba ukuhamba kwakhe emhlabe]


Palisa:-breka Mbuso breka(ekhala)


[Emise imonto uMbuso]


Palisa:-usesishiyile Mbuso mvale amehlo 


[Wabemvala lapho uyakhala]


Mbuso:-mama...mama!!!


Palisa:-ungabi sakhala Mbuso thula


[Esho ekhala naye]


Palisa:-qina mft ngyazi akulula kunzima kuyesinda 


Mbuso:-ei sengaze esishiye kabuhlungu kanjena.. 

            for next episode press here 

To see the rest of the story, visit our telegram channel here

Comments



×