thula mntanami story part 28 by : magolide

 

thula mntanami story part 28 by : magolide


thula mntanami story part 28 by : magolide 

🐦Thula Mntanami🐦

                P28🐦

                     [13]VL🐦


MaCele:-angithi bengikhona nj nimfaka emontweni njoba nizongiqambela amanga nithi kukhona inyoka ebhuthi


[Sngahamba nawe boss uyozibonele kusho lamadoda]


[Nangampela beqonde emontweni beyobheka kanye nonsimbi mabefika emontweni bengafici luthu]


MaCele:-yazi niyanginyanyisa nina unikhokhele malini limfana njoba senimdedelile


[Edonse isbhamu ekhombe lamadoda ekhuze uNsimbi]


Nsimbi:-hambani lakwami nonke ningaphinde nibuye


MaCele:-cha ngicela ukuchaza baba ngizoyilungisa yonke lento ngyathembisa


Nsimbi:-ayisekho into engifuna ukuyizwa ephuma emlonyeni wakho ngikubuze kahle ngathi umphethe yini oyigazi lakho wavuma kanti ungenza islima


MaCele:-bengimphethe ngampela baba nampa nampa abenze ubulima baba ngisazomthola futhi


Nsimbi:-i dili yethu iphelile uhlulekile ndodakazi..maningafuni ukuhamba ngizobiza abafana bami abafisha


MaCele:-kodwa baba(ekhala)


Nsimbi:-cha kuphelile anginaso iskhathi soludlala ngimdala kabi mangingaka


[Wabeyongena emontweni uMaCele sebephinda emumva]


MaCele:-(ethetha)niyayibona kodwa inkinga eningifake kuyo kuzomele nimfune lomfana esale esefa uzongibophisa phela mnje


[Ihambe imonto ithi ifika nj kuyasha esgodlweni bedilike ngokushesha emontweni]


MaCele:-(ekhala)hawee kazi ngoneni kubani sebengaze beshise isgodlo sami pho 


[Sorry boss syazwelana nawe.kusho igebengu zakhe]


MaCele:-kuphelile...kuphelile ngami kuphelile ngempilo yami(ekhala)


[uMbuso ubhizi udwanguza emahlathini eze eyongena kulespapuli abahlala kuse lapho ujuluke umanzi te]


Mbuso:-hhayibo Palisa ngabe sebemthathile(ekhathazekile)


[Lapho ukhathele ulambile..evele ezumeke eze ephaphame ekuseni]

Mbuso:-nkosi yami ngabe usaphilani uPalisa laph ekhona nkosi hamba nami njengoba ngyombeka nj


[Ebephuma eyombeka kanti ngebhadi bazophambana noPalisa uzobheka uMbuso ukuthi ugcine engabuyangani]


[uPalisa usefikile espapulini engene ngaphakathi]


Palisa:-khona umuntu obelapha ngabe usaphila uMbuso(ezwa iphunga)


[Ebephuma ngokukhulu ukushesha ehambe embeka ngenhlanhla wazithela kuye elele phasi kwesihlahla esephelelwe amandla]


Palisa:-hhaibo Mbuso(ememe)


[wabemnyakazisa emfusa wavuka esengqasha uMbuso uvalo]


Mbuso:-Palisa usaphila..


Palisa:-bese ngikhathazekile nam ngawe kanti nawe usaphila


[Bahagana]


Palisa:-vuka sambe ngokushesha nj asambe asambe(emxhaga)


Mbuso:-syaphi angenawo amandla okuhamba mina aphele nya


[Wambeletha batotoba baze bafika endlini]


Mbuso:-ilaphi mnje la esikhona 

          for next episode press here 

To see the rest of the story, visit our telegram channel here

Comments



×