thula mntanami story part 19 by : magolide
🐦Thula Mntanami🐦
P.19🐦
[13]VL🐦
MaCele:-ngabe ubaba uzodinga ngimkhokhele imali engakanani ngomsebenzi azongisiza ngawo
Nsimbi:-cha angizokukhokhisa okwamanje uzokhanyisa ngemali engango 1500 bese ufezekile umsebenzi wakho ungikhokhele u 15000 wam
MaCele:-kuyezwakala baba wothi ngiyikhiphe le eyokukhanyisa vele ngiyiphethe
[Wabe eyikhipha nangampela]
Nsimbi:-thokoza gogo thatha lomuthi iwonake ozoxosha ngawo izipoko
[Wabewuthatha waphuma]
MaCele:-kuyekuthiwa akuvaleliswake
Nsimbi:-kunjalo mntanami akuvaleliswa impela yiphula lelo
KaZikhali*
[Engene esephefumulela phezulu uSbahle bemangale bonke endlini bebona ephethe nezikhwama]
MakaThando:-aibo Sbahle kwenzakalani nezikhwama mntanami ubukeka uthukile futh
Bahle:-angazi ngiqale ngakephi mamaka Thando angazi angazi and angikholwa
MakaThando:-Msizi nawe Thando cela nithathe ikhwama zikaBahle niyombekela zona ngisafuna kuxoxa naye
Thando:-yebo mawami(ejabulela ukuthi ubuyile uBahle)suka Msizi usufuna ukulalela izizndaba
Msizi:-kahle ukungiphaphela wena madodeni ndini nx(esukume)
[Bethathe izikhwama zaBahle bephume nazo]
MakaThando:-xoxela minake ntombazane yami uthi kwenzenjani ekhaya?
Bahle:-umama(ekhale)ngiyamzonda umawami futhi ngiyamnyanya ngathi engafa inja leya
MakaThando:-hhaibo ungakhulumi kanjalo ngomawakho ukwenzeni kanti
Bahle:-umbulali loya makaThando waqala ngoMaNkosi usebulele nobaba
MakaThando:-hawu!!(wavele wathwala izandla ekhanda)hawu..hawu..hawu!!
Bahle:-wena makaThando ungakwenzani loko ngoba nawe ngeke ubulale umyeni wakho
[Wavele wahluleka nakuyixoxa lendaba umakaThando]
MakaThando:-ungabi sakhala usuphephileke manje njoba ulapha(emhage)
[Behlale umakaThando kanye noBahle kuze kuhlwe behlezi ndawonye..lapho uPalisa beno Mbuso bahlala espapulini]
Palisa:-ngeke Mbuso ngilambile mina manje kumele senze iplani yokuthola umsebenzi emsini yabantu
Mbuso:-ngampela nami kulambekile manje umuntu lole egcine ukudla ngale kwayizolo nakhona sisizwe ilo bhuti obezizamela naye wasipha imali
Palisa:-futhi aphelile amandla kumina manje ngizizwa ngiwikhi nje
Mbuso:-qinisela ngizovuka ngyophanta kusasa mhlampe ngizothola umsebenzi wosuku emzini yabantu
Palisa:-(ethule kuvele kwehle izinyembezi)
Mbuso:-yindaba manje ukhalelani?
Palisa:-ngicabanga umama ukuthi kaze wafihlwa kuphi njoba ngangigekho nj ngosuku lokufihlwa kwakhe
Mbuso:-ei nami ngyacabanga ukuthi namhlanj bekumele ngabe kubekwa ubaba endlini yakhe yokigcina kdw bengingekho... .
To see the rest of the story, visit our telegram channel here
