Islilo sothando (IBhokisi) story part 27 by : magolide
😭ISlilo soThando😭
⚰[IBhokisi]⚰
P27
KaMzethi
Ayanda>uyoyithengaphi kanti umalume i drink kade ehambile bo
Lungelo>ngivele ngabona ukuthi uyozibhekela lentombi yakhe uMzethi ukube ubeye estolo kumele ngabe ubuye kudala
Ayanda>awuhaleli slule inyawo siyozithengela thina mft ngoba phela ibhuda Mzi idlale ngathi
Lungelo>liyashisa kdw mft ilanga sizo wokha ngezinyawo ei asambe kdw
[besho bephume sebeyozithengela bona i drink estolo yize behamba ngezinyawo njoba imonto ihambe no Mzethi nj]
KaSbiya
uSamke bahlezi no Nomonde phasi komthunzi bayazixoxela umawabo usendlini ulele
Samke>yazi Monde sisi wami kunomunye umfana oyi yello bone uhlezi engilandela uyangishela and useqala nokungichaza nj
Monde>ubani ingama lakhe u yello bone loyo mtasekhaya?
Samke>u Aphiwe waka Gumede mft
Monde>awumqomi ngani pho sisi umfana wabantu hawu
Samke>hha uyovele engibulale qobo umama mayengezwa ukuthi sengiqomile emvakwalento engabuya kuyo
Monde>ngyakuzwa sisi and uqinisile kodwake engikushoyo mina usamcane kabi nokuphila impilo e crc
Samke>eya kona umuntu usemncane mara impilo sometimes(ethule)
Monde>uthe owakabani logayi konje sisi(ehlaziya)
Samke>owaka Gumede..yindaba uyamazini mtase?
Monde>cha angimazi(ethule ehlaziye ukuthi kungabe yilona owayefike no Magolide yin)
Samke>wasuthula kangaka manje mtase..ncono sambe syopheka ngoba ngathi sucabanga kakhulu
Monde>(kungenzekani ukuthi labafana bandawonye basithanda sobabili[ecabanga])
[lapho o Lungelo bahambe bezixoxela no Ayanda bathe sebeqhamukela ngasesitolo bebone abantu inqwaba]
Ayanda>aibo abantu aningi kanje eduze nala esiyothenga khona kaze yini le abayingungile
Lungelo>ai sesobena masifika khona nathi ukuthi kubukwa
[beqhubeke behambe beye ngokusondela]
Ayanda>ye Lungelo mft no Mzethi ngathi ulaphayana nj
Lungelo>yindaba ubonani?
Ayanda>ngibona imonto naya laphaya(eyikhomba)
Lungelo>oya sengiyayibona mshuthi naye ulibele ukubukwa lento engungwe laphana njoba engabuyi nj ne drink yethu
[behambe beze befike qede beziqalele estolo bethenge i drink mase beyaphuma beye la kugcwele khona abantu]
Ayanda>kaze yini le ebukwayo la
[bethi sebefika bevele bonke abantu bephunduke bebuke u Lungelo no Ayanda]
Ayanda>nisibukani ninazinja(edelela)
Lungelo>kahle Ayanda(emkhuza)
[besondele mabethi bayafika o Ayanda la kugcwele khona abatu mabethi bayabheka kungungwe u Mzethi udindilize phasi]
Lungelo>aibo(ededele idrink phasi iphahlake)
[maqede begijime beye kuMzethi]
Ayanda>no.no.no malume Mzethi
To see the rest of the story, visit our telegram channel here
