Islilo sothando (IBhokisi) story part 16 by : magolide


Islilo sothando (IBhokisi) story part 16 by : magolide


Islilo sothando (IBhokisi) story part 16 by : magolide 

 😭ISlilo soThando😭

     ⚰[IBhokisi]⚰

P16

Kuka Gumede kuqhamuke uMagolide eziphumela kobona uMonde wakhe kuqhamuke no Aphiwe ongubhuti kaMagolide omdala naye eziphumela ezindaweni zakhe bezwe ngomuntu oloko egqiha endlini


Aphiwe>bafo ubaba uyagulani noma umama uyezwa kdw khona ogqihayo ngaphakathi


Magolide>ngizwa kahle bafo futhi sengathi umama nj loyo


[bephuthume bengene ngaphakathi beyobheka bemfice eleliphasi]


Aphiwe>aibo MaZwane kwenzenjani mama

MaZwane>vulani umnyangi ngane zami nibone ubabawenu usengilimazile


[evule ngokushesha uAphiwe]


Magolide>mama yini le engaka oyenze kubaba edala ukuthi eze ekujezise ngokukhipha igazi lakho kanye nenyembezi zethu


[behlengezela izinyembezi uMagolide no Aphiwe]


MaZwane>ungijezisela ukuthi ubone kuphuma umlisa lapha ekhaya nakhona ubezidakelwe lomlisa ubezibuzela indlela eya kamakhelwane mangithithi ngyachaza wangabi safuna ukuzwa lutho ecabanga ukuthi lomlisa uphuma la endlini


Aphiwe>pho ukushaye ngani ubaba njoba wopha nje


MaZwane>angibange ngisabona ngoba bese ngivika kdw bengathi kuyacwebezela


[zivele zigeleze uzinyembezi ku Aphiwe ezame ukuzibamba uMagolide]


MaZwane>ngicela ngingkhelele amanzi nanku umoya ufuna ukungiphelele


[bembambe umawabo bezame ukumsukumisa]


Aphiwe>Magolide bafo ngathi wopha kakhulu emqaleni nj umama


[bembukisisa]

Magolide>liphuma khona impela igazi emqaleni bamgwazile


Aphiwe>wothi ngifonele imonto ezosisiza imphuthumise esbhedlela


MaZwane>cha ningabe sazihlupha ngokungyisa esbhedlela vele ngeke ngisasinda


[lapho sebeyabona abafana bakhe ukuthi sekuphelile]


MaZwane>bantabami ngicela ningisize ngento eyodwa nihloniphe umhlaba..ngicela nithi ukuphuma kancane ngisafuna ukuphumula


[besukume belandelane beyophuma bengazi nokuthi benzeni kuduma amakhanda bathe bemuflathela nj kwabe sekukuphuma komphefumulo wakhe waya kuyena ngejubane uMagolide ekhala]


Magolide>mama(emnyakazisa)


Aphiwe>akasekho bafo usesishiyile(bekhala)


Esibhedlela


umama ka Samke ukhale waze walala khona emabhentshini kuqhamuke udokotela lo ehlenga impilo ka Samke efike emvuse


Dr>mama mawami(emnyakazisa)maka Samke


[evuke]


Dr>akuncono uyophumula ngasekhaya?


MaDludlu>ngizofike ngithini mina kulomntwana engimshiye ekhaya ngizomtshela kanjani ukuthi akasekho usisi wakhe


[ekhala]


Dr>u Samke usaphila akashonanga sikwazile ukusheshe simsize


MaDludlu>usaphila ngampela?(engamkholwa)


Dr>yebo usaphila uzosinda futhi


MaDludlu>ngyabonga kakhulu ngane yami ngokuhlenga impilo yomntanami


[emhaga]

           for next episode press here 

To see the rest of the story, visit our telegram channel here

Comments



×