thula mntanami story part 26 by : magolide


thula mntanami story part 26 by : magolide


thula mntanami story part 26 by : magolide 

🐦Thula Mntanami🐦

                P.26🐦

                   [13]VL🐦


Ikhehla:-ngena ngaphakathi ungasabi ukhululeke nje


Palisa:-usho ukuthini mawuthi kwakuyikwakho usaphila uyangithusa yazi mkhulu


[Wathi uyaphenduka uPalisa ubukisisa lelikhehla alisekho]


Palisa:-hawema(ethukile)useshonephi manje lomkhulu(ezibuza yena)


[Engene ngaphakathi yize umbona ukuthi uyasaba nj uthe engenanje uPalisa kulendlu walifica ngaphakathi lelikhehla]


Ikhehla:-ungathuki ndodakazi ngilandele khona engifuna ukukubonisa kona okunye

[Nangampela elilandele uPalisa limyise kwelinye ikamele]


IKhehla:-thatha lesikhwama esimnyama lapho ndodakazi usivule


[Nangampela wasithatha uPalisa wasivula leskhwama mayefica phakathi kugcwele imali]


Ikhehla:-eyakho yonke leyomali ndodakazi nomuzi lo sekungowakho


[Wajabula kakhulu uPalisa wathi uyalihaga lathi cha ungangibambi mntanami]


Palisa:-kungani mkhulu ungenzela konke loku ngoba awungazi nami angikwazi


Ikhehla:-njeba ngizula lapha emhlabeni ngaxoshwa ezulwini kwathiwa angiphinde emumva ngyosiza emhlabeni ukuze ngibongwe emvakwaloko ngyolala ngokukhulu ukuthula ethuneni lami


Palisa:-kungani kuthiwa kumele uzobongwa emhlabeni mkhulu?


IKhehla:-ndodakazi ngangisigwili kakhulu ngisaphila ngagcina sengasamhloniphi omunye umuntu ngimthatha isnoma ikanjani yiloko okungixoshise ezulwini


Palisa:-ngyabonga kakhulu mkhulu ngibonga angiqedi


[Wathi eqeda ukubonga nj uPalisa labonga nekhehla labe liyophuma ngomnyango selihamba]


Palisa:-musa phela ukungishiya mkhulu hlala nami iskhashana ngiyakucela(elilandela)


[Wathi uyalilunguza emnyango alisekho selihambe shwii..waqala wayobheka emakhabethini ukudla okwakusalile ngenhlanhla kwakukhona waqala wapheka njoba elambile nj yize esasaba ukuhlala kulendlu]


Palisa:-ngyabonga nkosi yami bengazi ukuthi ngelinye ilanga uzongiphendu

[Kwaqhamuka uMaNkosi ngokomoya ebukeka ejabule wama ngasemnyango wabuka ePalisa epheka lapho uPalisa akamboni nhlobo]


MaNkosi:-suyosala kahle mntanami kwamhlaba(wabenyamalala)


[Lapho akaboni nokuthi bekukhona umawakhe nokuthi ukewakhuluma akazwanga]


Palisa:-umuntu cishe washona indlala buka nj sengimathambo thambo kanjani


[Ekhuluma yedwa]


Palisa:-kodw Mbuso kazi ukuphi manje ngoba ubungithembisile ukuthi uzoboya


[Lapho sekuvuthiwe ukudla useyadla uzibukela itv yize kusagcwele izintuli nje kulendlo okukhomba ukuthi bekungasahlali muntu]


Palisa:-ake ngyolala manje namhlanye umuntu uzoke elale kuntofontofo hhayi epapulini


[uthe esalele nj waphupha imfene ithi...] 

          for next episode press here 

To see the rest of the story, visit our telegram channel here

Comments



×